|
Showing 1 - 2 of
2 matches in All Departments
Masihambisane Ukufundwa kwemisindo nezinhlamvu: Lolu uhlelo
lwemisindo oluthuthukisa amakhono olimi njengoba ehleliwe kuma
CAPS; 1. lnqubo Yohlelo Lwemisindo Le ncwadi iyingxenye eyisisekelo
salolu hlelo ngoba imisindo yonke eyethulwayo kulelo nalelo banga
itholakala kuyo. lmisindo ihlelwe ngokwethemu nethemu bese kuba
khona nemilolozelo kanye namaculo agcizelela umsindo nomsindo
owethulwayo.; 2. lncwadi Yokubhalwa Kwemisindo Kule ncwadi yilapho
abafundi bethola imisetshenzana ethuthukisa ukubhalwa kwemisindo.;
3. lncwadi kaThisha lngumongo walolu hlelo. lbonisa uthisha
ngendlela okuzokwethulwa ngayo isifundo nokubhekana ngqo naso kanye
nokwelekelela lapho kudingeka khona usizo, ekuthuthukiseni amakhono
ahlukahlukene abafundi.
Lolu hlelo luyizingxenye ezintathu. 1. lncwadi Yomfundi: Le ncwadi
iyingxenye eyisisekelo salolu hlelo ngoba izifundo eziningi
ezikuyona zihambelana nezikwezinye izingxenye zalolu hlelo. Kulapho
kuthuthukiswa khona amakhono abafundi, kungaba elokulalela
nokukhuluma, elokufunda nokubukela kanye nelokubhala. 2. lncwadi
yokusebenzela: Lena-ke iyizigatshana ezihlelelwe ukuthi emva
kokufunda umfundi abhale. lthuthukisa ikhono lokubhala nokuloba. 3.
lncwadi kaThisha: lngumongo walolu hlelo. lbonisa uthisha ngendlela
okuzokwethulwa ngayo isifundo nokubhekana ngqo naso kanye
nokwelekelela lapho kudingeka khona usizo, ekuthuthukiseni amakhono
ahlukahlukene abafundi. Le ncwadi yenziwe yahamba nomgodla wayo
okungamathuluzi okwelekelela uthisha ngezinsiza kufundisa. Lolu
hlelo luhlelwe lwahambisana ncimishi nesiTatimende sikaZwelonke
senQubo mgomo yokuFunda nokuHlola. Kuhlelwe izigaba ezingama-20
kwaba ngumsebenzi owanele unyaka wonke.
|
|
Email address subscribed successfully.
A activation email has been sent to you.
Please click the link in that email to activate your subscription.