![]() |
![]() |
Your cart is empty |
||
Showing 1 - 1 of 1 matches in All Departments
Lolu hlelo luyizingxenye ezintathu. 1. lncwadi Yomfundi: Le ncwadi iyingxenye eyisisekelo salolu hlelo ngoba izifundo eziningi ezikuyona zihambelana nezikwezinye izingxenye zalolu hlelo. Kulapho kuthuthukiswa khona amakhono abafundi, kungaba elokulalela nokukhuluma, elokufunda nokubukela kanye nelokubhala. 2. lncwadi yokusebenzela: Lena-ke iyizigatshana ezihlelelwe ukuthi emva kokufunda umfundi abhale. lthuthukisa ikhono lokubhala nokuloba. 3. lncwadi kaThisha: lngumongo walolu hlelo. lbonisa uthisha ngendlela okuzokwethulwa ngayo isifundo nokubhekana ngqo naso kanye nokwelekelela lapho kudingeka khona usizo, ekuthuthukiseni amakhono ahlukahlukene abafundi. Le ncwadi yenziwe yahamba nomgodla wayo okungamathuluzi okwelekelela uthisha ngezinsiza kufundisa. Lolu hlelo luhlelwe lwahambisana ncimishi nesiTatimende sikaZwelonke senQubo mgomo yokuFunda nokuHlola. Kuhlelwe izigaba ezingama-20 kwaba ngumsebenzi owanele unyaka wonke.
|
![]() ![]() You may like...
Sharpening the Haze - Visual Essays on…
Giulia Carabelli, Milos Jovanovic, …
Hardcover
R1,034
Discovery Miles 10 340
The Asian Aspiration - Why And How…
Greg Mills, Olusegun Obasanjo, …
Paperback
|