|
Books > Social sciences > Education > Teaching of a specific subject
|
Buy Now
Shuters top class Izibalo (Zulu, Paperback)
Price: R177
Discovery Miles 1 770
|
|
|
Shuters top class Izibalo (Zulu, Paperback)
(sign in to rate)
Price R177
Discovery Miles 1 770
Expected to ship within 4 - 6 working days
|
lzibalo ze-Top Class zakhelwe phezu kweSitatimende Sikazwelonke
seNqubo Mgomo Yokufundisa Nokuhlola. lzibalo zeTop Class emaBangeni
aPhansi (Foundation Phase) zithuthukisa imicabango nezithombe
zezibalo, amakhono nolwazi ngokukhuthaza ukuxazululwa kwezinkinga,
ukucubungula nokucabangisisa okuhlose ukwakha. Uchungechunge
lwalezi zincwadi zezibalo lwelekelela umfundi ukuba axhumanise
izibalo kanye nalokho ahlangabezana nakho nsuku zonke. lmisebenzi
umfundi ayenza eyedwa kanye naleyo ayenza ebambisene nabanye,
yelekelela umfundi ukuba akhule aze afinyelele Ezinhlosweni zakhe
ezibanzi kanye nalezo Eziqondwe Ngqo yizibalo njengoba ziqukethwe
emqulwini weSitatimende Sikazwelonke seNqubo Mgomo Yokufundisa
Nokuhlola. Okunye futhi ngukuthi izindawo lapho kubhekwe khona
kakhulu ngumongo, yimithombo emihle eveza amathuba ehlukene okwenza
izibalo kanye nezibalo zekhanda. lzinto ezakha ibanga ngalinye.
lncwadi KaThisha: Umsebenzi oxhumene kahle womntwana nokaThisha.
lziqondiso ezicacile zezinhlelo zokufundisa. Amanothi esengezo
kanye nezinye izinto eziphathekayo zokwelekelela. lmisebenzi
enengcebo neyenabile. Ulwazi magama oludingekayo lukhonjisiwe.
lncwadi Yomfundi: lmisebenzi esezingeni lomfundi nethokozisayo
imnika umdlandla umfundi wokuba abe yingxenye yalokho okwenziwayo.
lmisebenzi eminingi nemihle ihambisana neSitatimende sikaZwelonke
seNqubo Mgomo yokuFundisa nokuHlola. lmisebenzi ivumelana nesimo
sendawo yomfundi. lnemisebenzi ehlomisayo neyenabile. Ulimi
lusezingeni elihle. Kukhona nemisebenz.i yokuhlola nokugxilisa.
Kunokuhleleka okuhle komsebenzi kanye nemidwebo ekhangayo. lncwadi
Yokusebenzela: lmisebenzi emihle nesezingeni lomfundi iyakhuthaza
inike nomdlandla. lmisebenzi eminingi emihle ihambisana
neSitatimende sikaZwelonke seNqubo Mgomo yokuFundisa nokuHlola.
lmisebenzi ivumelana nesimo sendawo yomfundi. lnemisebenzi
ehlomisayo neyenabile. Ulimi lusezingeni elihle. Kukhona
nemisebenzi yokuhlola nokugxilisa. Kunokuhleleka okuhle komsebenzi
kanye nemidwebo ekhangayo.
General
Is the information for this product incomplete, wrong or inappropriate?
Let us know about it.
Does this product have an incorrect or missing image?
Send us a new image.
Is this product missing categories?
Add more categories.
Review This Product
No reviews yet - be the first to create one!
|
|
Email address subscribed successfully.
A activation email has been sent to you.
Please click the link in that email to activate your subscription.