Welcome to Loot.co.za!
Sign in / Register |Wishlists & Gift Vouchers |Help | Advanced search
|
Your cart is empty |
|||
Showing 1 - 4 of 4 matches in All Departments
Incwadzi lesezingeni lelisetulu lefaka wonkhe umtsetfo lokufuneka ulandzelwe kuSitatimende Yavelonkhe YeKharikhulamu nekuHlola. Incwadzi lesezingeni lelisetulu lenetitfombe nemsebenti ekutfutfukisa umphumela nekukhutsa tabafundzi. Incwadzi lesezingeni lel
Baqinisile abadala uma bethi zibanjwa zisemaphuphu. Le ndaba ibhalelwe intsha esafunda isikole, ibhalwe ngolimi olusezingeni eliphezulu futhi iheha ngangokuthi ngeke uyibeke phansi uma usuke wayithatha wayifunda. Kusa kusa. Kule ndaba sethulelwa intombazane esencane enguNomusa edabuka esabelweni nezithola isiyofunda esikoleni samabanga aphakeme edolobheni. Ngabe kwenzekani uma e ka esikoleni esisha esisedolobheni? Ngabe uyaguquka yini uma e ka kulesi sikole? Ngabe uyashesha ukwejwayela? Ngabangani abanjani ahlangana nabo? Indaba iyenzeka ngenkathi kunemidlalo eyahlukene lapho abafundi bekhombisa amakhono abo kwezemidlalo. UNomusa simthola ehlangana nomfana ocula umculo kamasikandi ofunda khona lapho kuleso sikole. Ngabe ukuthatheka kwakhe yilo mculi osafufusa kumlethela ziphi izinkinga? Bagcina beluhlobo luni lwabangani laba ababili? Ngabe bagcina bengabangani nje noma bagcina sebedlala ngegeja kuziliwe? Othisha, umphakathi kanye nabanye babafundi bayibheka ngaliphi iso le ndaba? Ngabe bathola miphi imiphumela ngalokhu kujaha kwabo izinto ezindala kunabo? Zonke izimpendulo zale mibuzo ungazitholela ngokuthi uzifundele wena mathupha le ncwadi!
Lena akuyona indaba eyenzeka ngempela, iphupho lami nje. Ngithe angibeke induku ebandla. Ngithi-ke ngingathokoza kakhulu uma zinganda izindatshana zabaqede umatikuletsheni kuphela. Uma le ndatshana yami ibe nempumelelo, ngobonga kakhulu othisha bakulezi zikole: Kingsley Combined School, Kingsley: Ekucabangeni Secondary School, Nqutu: Swelihle High School, Umlazi. Ngithi kothisha bakhona nikhule nikhokhobe! Ngingekhohlwe umsakazi wesiZulu Mnumzane Thokozani Mandlenkosi Nene. Indlela abhala ngayo umdlalo wakhe othi Isigcawu Sekantolo yiwona kanye owangifaka ugqozi lokubhala lolu hlobo lwezindatshana.
Nanso-ke inselelo ivumeni bowethu! Nithini? Niyayivuma? Wena ozofunda la mazwana ami angatheni, ngethemba ukuthi uzothokoza kanti futhi ekugcineni uzothola isifundo esithile.
|
You may like...
|