0
Your cart

Your cart is empty

Browse All Departments
  • All Departments
Price
  • R100 - R250 (3)
  • -
Status
Brand

Showing 1 - 3 of 3 matches in All Departments

Isililo Sabafelokazi (Paperback): Milton Nxumalo Isililo Sabafelokazi (Paperback)
Milton Nxumalo
Sold By Verity Publishers - Fulfilled by Loot
R179 Discovery Miles 1 790 Ships in 7 - 10 working days

Yindaba elusizi lena yomfelokazi, umakotshana uDolly Ndlovu, ozalwa kwaMchunu. Yenzeka laphaya endaweni yasemakhaya eNyanyadu, okuyindawo ngaphansi kaMasipala wase Dannhauser. Uzithola esekulesi simo nje esemncane yingoba nakhu efelwe yindoda yakhe uMthunzi Ndlovu ubengusomabhizinisi owaziwayo lapha endaweni. Ubaziwa ngodidi lwakhe lwamatekisi abekade ehambela ezindaweni ezahlukene. UMthunzi ushona nje ngokukhulu ukuzuma ngemva kokulalelwa unyendle ngoshayasibhamu, izinkabi ezingaziwa. Kulukhuni kunkosikazi wakhe osemncane uDolly okuyimanje sekuzomele angene ezicathulweni zomyeni wakhe aqhube ibhizinisi. Ulwazi analo ngebhizinisi yilolu kuphela alufunda phansi. Akakaze azithole ezibambele ngezakhe izandla njengoba nakhu sekumphoqa manje ukuthi nakanjani makabhukule.
Izinselelo zimqala khona nje laphaya esahlezi kumatilasi wesifo esidinda isililo ngomyeni wakhe. Umndeni wavele wabonisa zibekwa nje ukuthi wehlukene phakathi. Kukhona labo ababekhalisana noDolly, bemesekela futhi bemduduza. Kuthi kanti laba abanye banezinhloso zabo ezehlukile. Inhloso yalabo kwabe kungukungena emzini kaMthunzi ngobugovu. Babegaqele amafa akhe kuphela. Babezitshele ukuthi uDolly akasoze akwazi ukulisingatha leli bhizinisi lamatekisi ngoba ikakhulukazi livame ukubuswa ngabantu besilisa.
Ukubukelwa phansi njengomuntu wesifazane. Ukungahlonishwa, wehliswe isithunzi emphakathi ngoba nakhu ungumfelokazi. Yizona zezinye zezingqinamba ababhekana nazo ngqo abantu besifazane imihla ngemihla. Ukungayinikwa indawo yakho emndenini yikhona kanye lokhu okwenza ugcine usuyinto nje, ungabi ngumuntu. Kubalulekile ukwazisisa indoda yakho ukuze ungazitholi sewufakelwa isondo eliyisipele njengemoto ngenxa yokuthi ushonelwe ngumyeni. Naye uDolly akazange aphathwe ngendlela eyahlukile kwabanye. Zamtitinya naye izagila lapha emzini.
Makesifunde nasi Isilili Sabafelokazi sithole ukuthi ingabe uDolly uyaphumelela yini ukumelana nalezi zinselelo ezibhekana nabafelokazi emzini na. Uma uyaphumelela, ingabe uthinte kuphi? Uma zimehlule, zimdide kuphi izinduku?
Yithokozeleni lendaba.

Ugcobho Lwenkohlakalo (Paperback): Milton Nxumalo Ugcobho Lwenkohlakalo (Paperback)
Milton Nxumalo
Sold By Verity Publishers - Fulfilled by Loot
R159 Discovery Miles 1 590 Ships in 7 - 10 working days

Nina benkashana kaMenzi eyaphuz'umlaza ngameva! Kuyintokozo ukwethula kinina nanka amanikiniki akhungethe izwe lonke liphela, Ugcobho Lwenkohlakalo. NguZiba umfo kaMsibi lona ozithola zimnetha izinduku zenhlupheko. Simcaphuna nje lapho esezwakalisa ukuzilahla phansi izinduku nezihlangu ebuthweni abekade emile ezabalaza nalo kwezombusazwe. Usekhathele uNdlondlo wukuba yisicathalala somzabalazo ongamniki nzuzo kodwa kube kudla abathile lapha eqenjini lakhe aselizabalazele iminyakanyaka. Uke uzicabange nje usebenza kanzima enkampanini thizeni kodwa ungahlomuli ngisho upeni wodwa lona? Bangaki abantu osubafundise umsebenzi asebenikwe izikhundla eziphezulu? Ungathi buqonde kuphi nje ngempela lobo budlelwano bakho naleyo nkampani? Uyaqhubeka noma uyashisa? Isinqumo silala ngakuwena ezikhathini ezifana nalezi. UZiba wagcina ngokusithatha isinqumo ngempilo yakhe wayilaxaza inhlangano yakhe yezombusazwe eyayingaconsi neze phansi. Iqembu lezombusazwe ayelikhotha phansi njengoshukela. Yingakho engazange aba nesibindi nalapha ingalo yomthetho isimzungeza esesolwa nangenkohlakalo. Akazange alindele izethembiso zamanga, kodwa nakhu simthola ekhipha izikhwepha, echitha ubuchopho ukuze kulalwe kudliwe ekhaya lakhe. Nothando ayenalo ngabantabakhe yilona kanye olwabe lumqhuba ukuze abatholele imfundo engcono. Wayengafuni bazithole bengamaqaba, bengafundile njengaye. Kanti ngempela zazivela kuphi lezi zinsolo zenkohlakalo? Zazibhekiswe kubani? Kunuka santungwana lapha, ngiqinisile. Abomthetho baphume umkhankaso bathungatha umsolwa, noma kambe ngithi abasolwa ngecala lenkohlakalo. Zitholele mfundi ukuthi kukhona yini lapha uZiba agaxela khona azithola esechaphazelwa yinkohlakalo.

Amandla Nesandla Sikamufi (Paperback): Milton Nxumalo Amandla Nesandla Sikamufi (Paperback)
Milton Nxumalo
Sold By Verity Publishers - Fulfilled by Loot
R249 Discovery Miles 2 490 Ships in 7 - 10 working days

Bayede Zulu! Siphila esikhathini esinzima kabi kule mihla. Kunabantu abadala abangcolisa impilo yabo egameni lothando. Lomkhuba wabo uhamba uze ube nomthelela omubi kabi nasozalweni lwabo. Nemindeni yabo kuhamba iphethe ngokwehlukana, ihlakazeke ngenxa yokuxegelwa kwabo yizimilo. Okubuhlungu kakhulu wukuthi yonke lemikhuba yabo emibi yemijolo yenziwa ngabantu besifungo abasemshadweni. Ikhaya lakwaNgcobo, usokhaya uDavid nguyena ozithola ethwele kanzima. Nguyena ophunga izimpukane ezifuna ukonakalisa isithebe sakhe. Konke lokhu sekuze kwehlela nakuThando, indodakazi yakhona lapha ekhaya. Umqansa asebhekene nawo manje ukukhuliswa ngaphansi kwabazali abangasezwani. Ukubhekana nenselelo yokubumba ikusasa lakhe ebe nganxanye ulwela ukunqanda idungamuzi elishendeza nonina, uMeggie. Yonke lempi uzithola eseyilwa ngokuhlanganyela nabangani bakhe kanye nomphakathi wasendaweni. Babezama ukulwa nokuthi kubunjwe, kuphinde futhi kuhlunyeleliswe nezimilo emndenini yonke ebuthakathaka. Impi enkulu abazithola sebelwa nayo manje abantwana yimpi yamandla. Yimpi amadoda ayibhekise kubantu besifazane nezingane ezingenawo amandla okuzivikela. Kuna bantu besilisa abanezinhliziyo ezimbi njengoGeorge nje, abavele bangene ngenxeba njengempethu. Basebenzisa ubuthakathaka babantu besifazane ukungena bagamanxe, bagcine ngakho ukudunga inhlalo yemizi yabantu. Bakwenza lokho bengakhathalele ukuthi izoba njani impilo yabantwana kuleso simo. Imvamisa kugcina ngokuthi kufe omunye endleleni njengalokhu sibona noMeggie efa nje. Umzabalazo kaThando siwubona uthatha igxathu elide kabi waze wafinyelela eNyuvesi. Ngendlela abalwisana ngayo nezitha zabo ibonakala ithela izithelo. Imimoya yalabo abashonayo njengoMeggie siyithola isihlanganyele kanye nabo oThando isilwa ngoba phela ayizange ikuthole ukuphumula lapho yalala khona. UMeggie usejike wayithongo elinamandla kulaba abaphilayo. Usesebenzisa bona ukulwa nokunqanda ukubhebhetheka kwalesi sihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane nangokobulili. Zitikeni ngokwenu bafundi ngawo lomdlalo. Umnandi, uyafundisa, uyayala. Nifunde, nilingise nibe nidlala. Amandla Nesandla Sikamufi.

Free Delivery
Pinterest Twitter Facebook Google+
You may like...
Biographical, Literary, and Political…
John Almon Paperback R588 Discovery Miles 5 880
St Thomas of Canterbury
Aubrey De Vere Paperback R513 Discovery Miles 5 130
The History of the Puritans or…
Daniel Neal Paperback R744 Discovery Miles 7 440
A Short History of the British Empire…
Francis Plowden Paperback R473 Discovery Miles 4 730
Rebel King - The Making of a Monarch
Tom Bower Paperback  (1)
R305 R229 Discovery Miles 2 290
The History of Scotland - With Notes…
George Buchanan Paperback R704 Discovery Miles 7 040
Jews by the Seaside - The Jewish Hotels…
Pam Fox Paperback R654 Discovery Miles 6 540
Report of the Late Important Trial in…
Charles Merrik Burrell Paperback R432 Discovery Miles 4 320
The Life of Lord Chancellor Hardwicke…
George Harris Paperback R704 Discovery Miles 7 040
Calendar of the Patent Rolls Preserved…
Great Britain Public Record Office Paperback R647 Discovery Miles 6 470

 

Partners