|
Showing 1 - 3 of
3 matches in All Departments
Izelamani ezintathu eziyizintandane kufanele zibhekane nosizi
lwendlala, ubugebengu nokuphelelwa yithemba. Ingabe zizovumela
usizi lushabalalise amaphupho azo ekusasa eliqhakazile? Ingabe
izophumelela imizamo yazo yokuqala ibhizinisi ukuze ziphume
osizini? Zizobhekana kanjani nezimfamona nobugebengu okufuna
ukushabalalisa amathemba empilo engcono?. Le ncwadi ixoxa indaba
edabukisayo yosizi olubhekene nemizi enganabazali emiphakathini
yethu. Iqukethe izigameko eziphakamisa amaphaphu nezinoteku ezenza
sibone ukuthi nanxa kungaba nezinsizi empilweni, lihlale likhona
njalo nje ithemba lokuthi uma sizimisela, izinto ziyolunga ngelinye
ilanga.
Winner - Maskew Miller Longman 2014 Literature Awards. Umdlalo
wesimanje othi "Ngikuthand'ukhona lapho" udingida izindikimba
ezisematheni njengokushushumbiswa kwezidakamizwa, ukudayisa
ngomzimba nokubulawa kobhejane. Kulo mdlalo abalingiswa babhekene
nenselelo yokuthatha izinqumo ezinzima zokukhetha phakathi
kothando, ukwethembeka nobulungiswa emphakathini okhungethwe
ubuphofu, ukuntuleka kwemisebenzi, ubugebengu, ukukhohlisa
nobugovu.
|
You may like...
Breathe
Rachel White
Hardcover
R389
R364
Discovery Miles 3 640
|
Email address subscribed successfully.
A activation email has been sent to you.
Please click the link in that email to activate your subscription.