Le ncwadi eyinqophamlando ngeyokuqala ngqa eyabhalwa ngesiZulu ngumbhali ongumZulu. UMagema Fuze wayibhala ekuqaleni kweminyaka ye-1900, wayishicilela ngasese ngowe-1922 ngesihloko esithi Abantu Abamnyama, Lapa Bavela Ngakona.
Kule ncwadi eyisimanga, umbhali usethulela akutholile ngemvelaphi nokwehlukana kwezizwe, achaze nokuthi bazinza kanjani abantu kwelaseNatali. Ubuye abhale ngamasiko amaZulu, asitshele ngomlando wamaZulu ngezikhathi zeziphithiphithi ngekhuluminyaka leshumi nesishiyagalolunye, konke ekubuka ngeso lamaZulu ayephila ngaleso sikhathi. Kulo mlando welaseNatali, uFuze ubuye adidiyele ukubhala kukaMbhishobhi Colenso uFuze abuye aphawule ngendlela okubekwe ngayo. Okubuye kwayicebisa kakhulu le ncwadi yisandulela esibhalwe nguHlonipha Mokoena esiphawula ngokujulile ngezimo zezikhathi zakudala ezazinezinselelo.
Abantu Abamnyama umthombo ohamba wodwa nje ongaba yigugu kubafundi abafuna ulwazi ngomlando wamaZulu nendlela okwakuphilwa ngayo ngezikhathi zawoShaka. Lo msebenzi uyimpendulo kubantu abahlale bebuza ukuthi – “Kodwa abantu abamnyama bavelaphi?”
General
Is the information for this product incomplete, wrong or inappropriate?
Let us know about it.
Does this product have an incorrect or missing image?
Send us a new image.
Is this product missing categories?
Add more categories.
Review This Product
Great buy!
Tue, 25 Oct 2022 | Review
by: Mandisa M.
Haven't started reading this book yet, or the English version. But I'm impressed at the delivery/courier service I received. The books arrived earlier than expected, in great condition and handled perfectly. Look forward to more great finds on Loot.
Did you find this review helpful?
Yes (0) |
No (0)