Le ndaba yenzeka ngeminyaka yawo-1800, indaba igxile kumlingiswa
onguNdlunkulu uNtombazi wesizwe sakwaNdwandwe, osebenzisa amaqhinga
kanye nobuthakathi emizamweni yakhe yokwenza indodana yakhe uZwide
ukuthi abe yinkosi enamandla kunawo wonke. Untombazi uyaziwa
ngokubulala amakhosi awanqume amakhanda bese ewaphanyeka elawini
lakhe. INdlovukazi yamaNdwandwe ibulala ngempumelelo amakhosi
abakhelene nawo. Lapho ibulala iNkosi uDingiswayo wesizwe
sakwaMthethwa, ihlokoloza isidleke seminyovu. INkosi uShaka wesizwe
samaZulu igasela kungalindelekile izophindisela ukuchithwa kwegazi
lomsebe wokugcina wamakhosi aphemba uxolo, iNkosi uDingiswayo
wakwaMthethwa, owamkhulisa. Kuba uqhude manikiniki, zindala zombili
lapho kutholana phezulu amabutho akwaZulu kanye nawakwaNdwandwe.
Kazi iyozala nkomoni!
General
Is the information for this product incomplete, wrong or inappropriate?
Let us know about it.
Does this product have an incorrect or missing image?
Send us a new image.
Is this product missing categories?
Add more categories.
Review This Product
Good
Mon, 10 May 2021 | Review
by: Luyanda S.
Thanks for the book,appreciate it man.
Did you find this review helpful?
Yes (0) |
No (0)